BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Be not deceived: evil communications corrupt good manners.
1 Corinthians: 15:33
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Ruthe : 4
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.
Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: “Hlalani phansi lapha.” Ahlala.
Wayesethi kuye umhlengi: “UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki;
bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.” Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”
Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.”
Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”
Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.
Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.
UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.
NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”
Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;
indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”
UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.
Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.
Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”
UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe.
Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.
Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi;
uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba;
u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;
uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede;
u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.
×
×
Save
Close