BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD also will be a refuge for the oppressed, a refuge in times of trouble.
Psalm: 9:9
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
БиблиÑ. Синодальный перевод
Next
Numeri  : 2
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
“Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.â€
Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Isakare; isikhulu sabantwana bakwa-Isakare siyakuba nguNethaneli indodana kaSuwari;
ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
Isizwe sakwaZebuloni: isikhulu sabantwana bakwaZebuloni siyakuba ngu-Eliyabe indodana kaHeloni;
ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
Ibhanela lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwaSimeyoni; isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni siyakuba nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
Nesizwe sakwaGadi: isikhulu sabantwana bakwaGadi siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaRehuweli.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela abo.
Ibhanela lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
Nesizwe sakwaBenjamini; isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakuba ngu-Abidani indodana kaGideyoni.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
Ibhanela lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
Nesizwe sakwaNafetali: isikhulu sabantwana bakwaNafetali siyakuba ngu-Ahira indodana ka-Enani.
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.
Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.
×
×
Save
Close