BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Come unto me, all ye that labour and are heavy laden, and I will give you rest.
Matthew: 11:28
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
БиблиÑ. Синодальный перевод
Next
Levitikusi : 15
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
“Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Nxa owesilisa ecucuza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.
Lokhu kuyakuba ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza, noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe, kungukungcola kwakhe.
“ ‘Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba ngengcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile.
Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Othinta inyama yocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Uma ocucuzayo emfela ngamathe ohlambulukileyo, yena uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Zonke izihlalo akhwela kuzo ocucuzayo ziyakuba ngezingcolile.
Bonke abathinta into eyayiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe, nalowo othwala lezo zinto uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Nalowo ocucuzayo amthinta, engahashazanga izandla zakhe ngamanzi, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa, nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.
“ ‘Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.
Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, awanike umpristi:
umpristi anikele ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.
“ ‘Nxa umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.
Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Uma owesifazane ecucuza, ukucucuza kwakhe kube yigazi, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.
Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Uma kusembhedeni noma kukuyiphi into ahlala kuyo, nxa kuthintwa ngumuntu, yena uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Uma indoda ilala naye, ukungcola kwakhe kube kuyo, iyakuba ngengcolile izinsuku eziyisikhombisa; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba ngengcolile.
“ ‘Uma owesifazane ecucuza igazi lakhe izinsuku eziningi, zingabi ngezokungcola kwakhe, noma ecucuza kudlula isikhathi sokungcola kwakhe, zonke izinsuku zokucucuza kokungcola kwakhe uyakuba njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; ungcolile.
Imibhede yonke alala kuyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakuba kuye njengombhede wokungcola kwakhe; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.
Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
“ ‘Kepha uma ehlambuluka ekucucuzeni kwakhe, makazibalele izinsuku eziyisikhombisa, andukuba ahlambuluke.
Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana.
Umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.
“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele lami eliphakathi kwabo.’ â€
Lowo ungumthetho wocucuzayo nowoshaywa yizibuko, aze angcole ngakho,
nowogula ngokungcola kwakhe, nowocucuzayo, umlisa noma owesifazane, nowakhe olala nongcolileyo.
×
×
Save
Close