BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
A merry heart doeth good like a medicine: but a broken spirit drieth the bones.
Proverbs: 17:22
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Hezekeli : 31
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
“Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe: “ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?
Bheka, ungumkhoba, ungumsedari waseLebanoni; unamagatsha amahle, namaqabunga anomthunzi, nesiqu esiphakemeyo; isihloko sawo siphakathi kwamafu.
Amanzi awukhulisa, utwa lwawuphakamisa; imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo; yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle; izingatsha zawo zandiswa, namagatsha awo elulwa ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.
Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo, zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo; emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.
Wawusumuhle ebukhulwini bawo, ngobude bamagatsha awo, ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.
Imisedari yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha, imisayipuresi yayingafani nezingatsha zawo, nemipelatani yayingenjengamagatsha awo, futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.
Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo, imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkulu yaze yaba nomhawu.
“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,
ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.
Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya.
Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo
ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.
“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba.
Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.
“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”
×
×
Save
Close