BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Hezekeli : 1
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.
Ngolwesihlanu lwenyanga ngomnyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakini
izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.
Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.
Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine, nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu,
kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane;
imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.
Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje:
amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.
Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.
Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.
Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.
Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.
Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.
Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.
Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe, nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.
Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
Amafelange awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.
Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.
Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.
Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.
Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire. Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.
Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.
×
×
Save
Close