BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Be not deceived: evil communications corrupt good manners.
1 Corinthians: 15:33
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Jeremiya : 28
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.
Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”
Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.
“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.
Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?
Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.
“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,
kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.
“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.
Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’
“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.
Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo.
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.
Ukhalelani ngokulimala kwakho ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.
“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.
Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova, ‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo neSiyoni elingafunwa muntu.’
“Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.
Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala, ibandla lakhe lime phambi kwami, ngijezise bonke abamcindezelayo.
Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye, nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe; ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ usho uJehova.
“ ‘Niyakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”
Bheka, isivunguvungu sikaJehova! Ukufutheka kwakhe kuphumile, isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.
Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya, aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.
×
×
Save
Close