BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
I love the LORD, because he hath heard my voice and my supplications.
Psalm: 116:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
БиблиÑ. Синодальный перевод
Next
AmaHubo : 89
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52
53
54
55
56
57
58
59
60
61
62
63
64
65
66
67
68
69
70
71
72
73
74
75
76
77
78
79
80
81
82
83
84
85
86
87
88
89
90
91
92
93
94
95
96
97
98
99
100
101
102
103
104
105
106
107
108
109
110
111
112
113
114
115
116
117
118
119
120
121
122
123
124
125
126
127
128
129
130
131
132
133
134
135
136
137
138
139
140
141
142
143
144
145
146
147
148
149
150
IMaskili lika-Ethani umEzra. Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.
Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.â€
Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:
“Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.†Sela
Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.
Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.
Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.
Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.
Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.
Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.
Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.
Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.
Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.
Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.
Egameni lakho siyathokoza usuku lonke; ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa.
Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo.
Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula.
Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’
Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba.
Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye.
Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.
“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami,
uma bephula izimiso zami bengagcini imiyalo yami,
ngiyakuhambela izono zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo.
Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
Angiyikwaphula isivumelwano sami, nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.
Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide.
Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.†Sela
Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.
Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
Udilizile zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
Bonke abadlula ngendlela bayamphanga; waba yihlazo kwabakhelene naye.
Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe.
Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuma ekulweni.
Ususile inkazimulo yakhe, wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.
Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela
Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.
Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela
Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?
Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,
ezisola ngalo izitha zakho, Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.
Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.
×
×
Save
Close