BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
God is our refuge and strength, a very present help in trouble.
Psalm: 46:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Jobe : 41
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
“Ungakhipha uLeviyathani ngodobo, ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?
Ungafaka igoda lomhlanga ekhaleni lakhe, ubhoboze umhlathi wakhe ngodobo, na?
Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe, akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?
Uyakwenza isivumelwano nawe ukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?
Ungadlala naye njengenyoni, umbophele amantombazana akho, na?
Abathengi bangathengiselana ngaye, bamahlukanise phakathi kwabahwebi, na?
Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla, nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?
Beka isandla sakho kuye; khumbula ukulwa; awusayikukuphinda.
Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa; nangokumbona nje uyawiswa phansi.
Akakho onesibindi sokumvusa. Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?
Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.
“Angiyikuthula ngezitho zakhe, nangendaba yamandla akhe, nangesimo sakhe esihle.
Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle; ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?
Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na? Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.
Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu; zinamathelisiwe njengangophawu.
Zisondelene esinye kwesinye, kungangeni moya phakathi kwazo.
Zinamathelene; zibambelene, azinakwahlukaniswa.
Ukuthimula kwakhe kubengezela ngokukhanya; amehlo akhe anjengezinkophe zokusa.
Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti, nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.
Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayo nasemihlangeni eshayo.
Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle, nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.
Entanyeni yakhe kuhlala amandla, nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.
Amanya enyama yakhe anamathelene; abunjiwe kuye, awanakususwa.
Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe, yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba; ngenxa yevuso baphela amandla.
Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza, noma umkhonto nomcibisholo nengcula.
Insimbi uyishaya utshani, nethusi ibunga.
Umcibisholo awunakumxosha; amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
Izagila uzishaya amabibi; uyahleka ukugunquza kwengcula.
Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali; uyenaba njengesibhuqo odakeni.
Wenza inzulu ibile njengekhanzi; wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.
Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe; kungathi utwa lungwevu.
Emhlabeni akukho okufana naye owenziwa abe ngongesabiyo.
Ubona konke okuphakemeyo; uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.”
×
×
Save
Close