BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
For with God nothing shall be impossible.
Luke: 1:37
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Nehemiya : 7
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,
ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.
Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”
Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.
UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;
abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;
abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;
abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;
abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;
abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;
abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;
abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;
abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;
abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;
abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;
abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;
abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.
Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;
amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;
amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;
abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.
Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.
Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.
Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi: yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.
AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiya, nabantwana bakwaPhadoni,
nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwaShalimayi,
nabantwana bakwaHanani, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari,
nabantwana bakwaRewaya, nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda,
nabantwana bakwaGazamu, nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya,
nabantwana bakwaBesayi, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefushesimi,
nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaSofereti, nabantwana bakwaPherida,
nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Amoni.
Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.
Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:
abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.
Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.
Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.
Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.
Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini, naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.
×
×
Save
Close