BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
For with God nothing shall be impossible.
Luke: 1:37
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
Nehemiya : 3
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.
Eceleni kwakhe kwakha abantu baseJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana ka-Imri.
ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.
Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.
ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni, noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.
Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba soGangeni Olubanzi.
Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.
Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya.
UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.
Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.
ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo, nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.
ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.
Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri, kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.
Emva kwakhe kwalungisa amaLevi, uRehumi indodana kaBani. Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.
Emva kwakhe kwalungisa abafowabo, uBavayi indodana kaHenadadi, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila.
Eceleni kwakhe kwalungisa u-Ezeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.
Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka-Eliyashibi umpristi omkhulu.
Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi, elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kube sekugcineni kwendlu ka-Eliyashibi.
Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.
Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.
Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube seNqutshini, kuze kube naseGumbini.
UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.
AmaNethini ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.
Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba sogangeni lwase-Ofeli.
Phezu kweSango Lehhashi kwalungisa abapristi, kwaba yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.
Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.
Emva kwakhe kwalungisa uHananiya, indodana kaShelemiya, noHanuni, indodana yesithupha kaSalfi, elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.
Emva kwakhe kwalungisa uMalikhiya, omunye wabakhandi begolide, kwaze kwaba sendlini yamaNethini neyabathengi malungana neSango Lokubala, kwaze kwaba nasekamelweni eliphezulu laseGumbini.
Phakathi kwekamelo eliphezulu laseGumbini neSango Lezimvu kwalungisa abakhandi begolide nabathengi.
×
×
Save
Close