BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
God is our refuge and strength, a very present help in trouble.
Psalm: 46:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
2 AmaKhosi : 13
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.
Wenza okubi emehlweni kaJehova, walandela izono zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.
Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.
UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela.
UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.
Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera wasala eSamariya.
Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.
Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.
Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.
Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo.
Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
Wathi: “Vula ifasitele ngasempumalanga.” Yalivula. Wayesethi u-Elisha: “Cibishela.” Yacibishela-ke. Wathi: “Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu e-Afeki, uwaqede.”
Wayesethi: “Thatha imicibisholo.” Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.” Yashaya kathathu, yayeka.
Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”
Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka.
Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.
UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.
Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.
UHazayeli inkosi yase-Aramu wafa; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.
×
×
Save
Close