BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
1 AmaKhosi : 16
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:
“Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,
bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.
Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja, nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.”
Ezinye izindaba zikaBahasha, nakwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.
Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBahasha, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili.
Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,
ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika-Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
Abantu ababemisile bezwa kuthiwa: “UZimri wenzile ugobe, ubulele nenkosi;” ngalokho wonke u-Israyeli wambeka u-Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.
U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa.
Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa
ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.
Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
Khona abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati, ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela u-Omri.
Kepha abantu ababemlandela u-Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi.
Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.
Kepha u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.
Ngokuba wahamba ezindleleni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Ahabi, indodana ka-Omri, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.
Kepha u-Ahabi, indodana ka-Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.
Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli, indodakazi ka-Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
Wammisela uBali i-altare endlini kaBali abeyakhile eSamariya.
U-Ahabi wamenza u-Ashera; u-Ahabi wenezela waze wacunula uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kunawo onke amakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe.
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi, njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.
×
×
Save
Close