BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Who can find a virtuous woman? for her price is far above rubies.
Proverbs: 31:10
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
2 Samuweli : 22
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,
wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.
“Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.
Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.
Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.
Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.
Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.
UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.
Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.
Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.
Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.
Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
“UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.
UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.
“Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;
kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.
Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.
Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.
Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
“Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,
yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;
ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.
“Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.
Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.
“Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela.
Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.
“UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;
ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.
Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”
×
×
Save
Close