BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
2 Samuweli : 2
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka.” Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?” Wathi: “EHebroni.”
Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli.
Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni.
Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”
UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.
Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.
Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”
U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,
wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.
U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.
Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.
UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.
U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.”
Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide.
Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.
Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.
Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.
U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.
U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?” Wathi: “Yimi.”
U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?”
Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.
Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni.
Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.
U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”
UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”
UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.
Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBethlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.
×
×
Save
Close