BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Who can find a virtuous woman? for her price is far above rubies.
Proverbs: 31:10
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Библия. Синодальный перевод
Next
2 Samuweli : 10
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa-Amoni yafa, uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo.
UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.
Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”
UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.
Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”
Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.
UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.
Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.
Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakufika ngikusize.
Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”
UJowabe nabantu ababe naye base besondela ukuba balwe nama-Aramu; kepha abaleka phambi kwakhe.
Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.
Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, abuthana ndawonye.
UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula; afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo.
UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.
Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.
Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.
×
×
Save
Close