BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
A merry heart doeth good like a medicine: but a broken spirit drieth the bones.
Proverbs: 17:22
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Luka : 9
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.
Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.
Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili.
Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona.
Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”
Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.
Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,
ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala.
Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.
Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.
Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.
Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.”
Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.”
Benze njalo, babahlalisa bonke.
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.
Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”
Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”
Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,
wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”
Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?
Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.
Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”
Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.
Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.
Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya;
abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema.
UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.
Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini.
Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.
Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”
Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.
Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.
Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile.
Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”
Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.
Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:
“Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”
Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.
Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo.
Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe,
wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”
Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”
Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.
Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.
Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.
Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni.
Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa;” base beya komunye umuzi.
Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”
Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.”
Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”
×
×
Save
Close