BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Mathewu : 17
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”
Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo,
wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.
Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.
Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
“Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!
Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.
Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili.
Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.
“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?
Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.
Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.
Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
“Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini.
“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.
Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.
“Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.
Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi.
Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.
Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’
Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.
“Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’
“Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’
Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.
“Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.
Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;
nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’
Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo.
“Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”
×
×
Save
Close