BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
God is our refuge and strength, a very present help in trouble.
Psalm: 46:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Numeri  : 26
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.â€
OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.â€
URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
Kepha amadodana kaKora awafanga.
Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.
Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
“Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.
Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.â€
Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.
Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.†Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
×
×
Save
Close