BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
God is our refuge and strength, a very present help in trouble.
Psalm: 46:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Levitikusi : 25
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi:
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha.
Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho, iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,
kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho.
Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe.
Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;
nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.
“ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.
Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.
Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.
Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.
Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
“ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.
“ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;
njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.
Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.
Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
“ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,â€
khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.
Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
“ ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.
Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.
Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.
“ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.
Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.
“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.
Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.
Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.
NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
“ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
“ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.
Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.
Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, omunye phezu komunye.
“ ‘Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo, umfowenu abe mpofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga;
noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena.
Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
“ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
×
×
Save
Close