BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
God is our refuge and strength, a very present help in trouble.
Psalm: 46:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Hezekeli : 40
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.
Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kungathi isakhiwo somuzi ngaseningizimu.
Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.
Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”
Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.
Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye.
Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.
Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: luhlanga lunye.
Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.
Walinganisa ububanzi besikhala sesango: yizingalo eziyishumi; nobude besango: yizingalo eziyishumi nantathu;
nomkhawulo ngaphambi kwamakamelo abalindi: yingalo inye; nomkhawulo ngalapha: yingalo inye; namakamelo abalindi: yizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ngalapha.
Walinganisa isango kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, umnyango ubhekene nomnyango.
Wenza nezinsika: yizingalo ezingamashumi ayisithupha, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.
Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
Kwakukhona amafasitele avaliweyo, kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke, kanjalo nakuyo imengamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.
Indawo egandayiweyo yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiweyo ephansi.
Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: yizingalo eziyikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.
Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.
Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.
Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.
Kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke njengamafasitele angenhla; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.
Kwakukhona isango legceke elingaphakathi ngaseningizimu; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu, izingalo eziyikhulu.
Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.
Amakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo kwakunjengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo nxazonke; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu.
Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.
Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,
namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,
namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.
Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.
Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo.
Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaziweyo, ubude buyingalo nenxenye, nobubanzi buyingalo nenzenye, nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla, zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.
Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi, eliseceleni kwesango lasenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga, libheke ngasenyakatho.
Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yasendlini.
Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase-altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi, asondela kuJehova ukumkhonza.”
Wayeselilinganisa igceke, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, nobubanzi buyizingalo eziyikhulu, yizinhlangothi ezine; i-altare laliphambi kwendlu.
Wayesengingenisa emphemeni wendlu, walinganisa izinsika zompheme: yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha.
Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.
×
×
Save
Close