BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Comfort ye, comfort ye my people, saith your God.
Isaiah : 40:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Hezekeli : 3
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla okufumanayo, udle lo mqulu, uye ukhulume kuyo indlu yakwa-Israyeli.â€
Ngavula umlomo wami, wangidlisa umqulu.
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona.†Ngase ngiwudla, wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.
Ngokuba awuthunywa kubantu abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, kepha endlini yakwa-Israyeli,
kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthume kubo, bona babeyakukuzwa.
Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.
Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.
Ngenze ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.â€
Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.
Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova,’ noma bezwa noma benganaki.â€
Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;â€
nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.
UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.
Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.
Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
“Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
Kepha wena, uma umxwayisa omubi, angaze abuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho.
“Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni, abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho.â€
Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: “Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona.â€
Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.
UMoya wayesengena kimi, wangimisa ngezinyawo zami, wakhuluma kimi, wathi kimi: “Hamba uzivalele endlini yakho.
Kepha wena ndodana yomuntu, bheka, bayakufaka amagoda kuwe, bakubophe ngawo; awuyikuphumela phakathi kwabo.
Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova.’ Ozwayo makezwe, onganakiyo kayeke, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
×
×
Save
Close