BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Nehemiya : 11
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.
Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni.
Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.
UJoweli, indodana kaZikiri, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini.
Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini,
noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;
nabafowabo ababewenza umsebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya;
nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri;
nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli, indodana kaHagedolimi.
KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,
noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
AmaNethini ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.
Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,
naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,
naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,
nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,
naseHasori, naseRama, naseGitayimi,
naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,
naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.
KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.
×
×
Save
Close