BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Come unto me, all ye that labour and are heavy laden, and I will give you rest.
Matthew: 11:28
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
Ezra : 2
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;
amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;
Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.
AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,
nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,
nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,
nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,
nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,
nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,
nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.
Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.
×
×
Save
Close