BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
The LORD is my shepherd; I shall not want.
Psalm: 23:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
2 IziKronike s : 25
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
U-Amasiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.
Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.
Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe kuye, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu esiliva.
Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Nkosi, impi yakwa-Israyeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi,
kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”
U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”
U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.
U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.
Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva ngu-Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.
Kwathi u-Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.
Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: “Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?”
Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”
U-Amasiya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”
UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”
Kepha u-Amasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa-Edomi.
Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova ku-Obede Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina, bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na?
Kusukela esikhathini u-Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.
×
×
Save
Close