BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
Bless the LORD, O my soul, and forget not all his benefits:
Psalm: 103:2
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bà¸blia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
БиблиÑ. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
GenesiseÂ
EksodusiÂ
LevitikusiÂ
Numeri Â
  Duteronomi Â
JoshuwaÂ
RutheÂ
1Â SamuweliÂ
 2 SamuweliÂ
1 AmaKhosi Â
2Â AmaKhosiÂ
1Â IziKronikeÂ
2Â IziKronike s
EzraÂ
NehemiyaÂ
EsteriÂ
JobeÂ
AmaHuboÂ
 IzAgaÂ
UmShumayeliÂ
IsiHlabelelo SeziHlabeleloÂ
Isaya Â
JeremiyaÂ
IsiLiloÂ
HezekeliÂ
DaniyeliÂ
HoseyaÂ
JoweliÂ
AmoseÂ
Obadiya Â
Jona
Mika
NahumeÂ
HabakukiÂ
ZefaniyaÂ
HagayiÂ
Zakariya
MalakiÂ
MathewuÂ
Marku
Luka
Johane
IzEnzoÂ
AmaRomaÂ
1Â KorinteÂ
2Â KorinteÂ
Galathiya
EfesuÂ
FilipiÂ
KoloseÂ
1Â Thesalonika
2Â Thesalonika
1Â ThimothewuÂ
2Â Thimothewu
KuThithuÂ
KuFilemoniÂ
KumaHeberuÂ
EkaJakobe
1Â PetruÂ
2Â Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
 EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
 2 Samuweli : 23
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
“UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.
UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’
“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?
Kepha onke amashinga ayakuba njengameva alahlwayo, ngokuba angephathwe ngesandla.
Kodwa umuntu owathintayo wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto, aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.â€
Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;
wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.
Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.â€
Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.
Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.†Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.
Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi,
noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa,
no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati,
noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa,
noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,
noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi,
no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,
no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani,
noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari,
no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi,
no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,
noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,
no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.
×
×
Save
Close