BibleAll
Home
Bible
Parallel Reading
About
Contact
Login
Verse of the Day
I love the LORD, because he hath heard my voice and my supplications.
Psalm: 116:1
King James Versions
Tamil Bible
Alkitab Bible
American Standard Version
Bible Latinoamericana Spanish
Biblia Ave Maria
Biblia Cornilescu Română
Biblia Cristiana en Espaคol
Bกblia da Mulher Catขlica
Elberfelder Bible
Hebrew Bible (Tanakh)
Hindi Bible
Holy Bible in Arabic
Holy Bible KJV Apocrypha
Italian Riveduta Bible
La Bible Palore Vivante
La Bible Darby Francis
La Biblia Moderna en Espaคol
La Biblia NTV en Espaคol
Magandang Balita Biblia libre
Malayalam Bible
Marathi Bible
Tagalog Bible
Telugu Bible
The Holy Bible in Spanish
The Holy Bible RSV
The Vietnamese Bible
Urdu Bible
Zulu Bible Offline
Библия. Синодальный перевод
Punjabi Bible
Korean Bible
Select Book Name
Genesise
Eksodusi
Levitikusi
Numeri
Duteronomi
Joshuwa
Ruthe
1 Samuweli
2 Samuweli
1 AmaKhosi
2 AmaKhosi
1 IziKronike
2 IziKronike s
Ezra
Nehemiya
Esteri
Jobe
AmaHubo
IzAga
UmShumayeli
IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Isaya
Jeremiya
IsiLilo
Hezekeli
Daniyeli
Hoseya
Joweli
Amose
Obadiya
Jona
Mika
Nahume
Habakuki
Zefaniya
Hagayi
Zakariya
Malaki
Mathewu
Marku
Luka
Johane
IzEnzo
AmaRoma
1 Korinte
2 Korinte
Galathiya
Efesu
Filipi
Kolose
1 Thesalonika
2 Thesalonika
1 Thimothewu
2 Thimothewu
KuThithu
KuFilemoni
KumaHeberu
EkaJakobe
1 Petru
2 Petru
1 Johane
2 Johane
3 Johane
EkaJuda
IsAmbulo
Chapter
Verse
Go
Prev
Zulu Bible Offline
Next
2 Samuweli : 21
Track Name
00:00
00:00
Chapters
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”
Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;
wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?”
AbaseGibeyoni bathi kuye: “Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa-Israyeli.” Wathi: “Enikushoyo ngiyakunenzela khona.”
Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli,
masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”
Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.
Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;
wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.
Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.
UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.
Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.
Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.
AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.
U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.
Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”
Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.
Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa.
Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.
Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.
×
×
Save
Close